Ibandla Lempi Yosindiso Selinikele Endaweni Yenhlekelele ELadysmith
SEKUSONDELE abaholi bakamoya eLaysmith emuva kwenhlekelele eyenzeke ngeSonto elandulela ilanga likaKhisimuzi. Miningi imiphefumulo yabizelwa komdala wezinsuku ngaleli langa kanti abanye bagcine bengatholakalanga kodwa ukucinga kusaqhubeka. NgoLwesihlanu ekuseni ibandla lezenkolo i-The Salvation Army elidume ngokuthi Impi yoSindiso linikele kule ndawo ukuzozibonela nokududuza imindeni eshonelwe ngomkhuleko.
Phakathi kwemindeni evakashelwe ileli bandla owodwa ushonelwe amalungu awo amahlanu (5) bese omunye kube amalungu ayisithupha (6). Leli bandla livale amaHhovisi ekomkhulu lalo (Territorial Headquarters) eGoli kanjalo ne Hhovisi lesiyingi (Divisional Headquarters) lahloma ngezikhali zikamoya ukuyokondla abasosozini ngenduduzo kanti liphinde lanikela ngezinsizo zesikhashana kwabasale dengwane.
Abafisa ukushiya iminikelo yokusiza bangavakashela:
: https://www.salvationarmy.org.za/donate-to-the-work-of…/
: 082 994 4351