Ashiswe Nendlu Angqongqa Amalunga Omndeni Amathathu EJozini
NAMANJE ayikaziwa imbangela yokuhlaselwa kubulawe ngesihluku maqede kushiswe amalunga amathathu (3) omndeni wakwaMdlalose ezintatha ngoLwesine eJozini endaweni yaseZinkunini. Kulesi gameko kusolakala ukuthi kunabantu abangenele lomndeni, okubikwa ukuthi bavuse indodana endala ebeyivakashile ekhaya bayithatha bayoyifaka egumbini ebelilele abazali bayo bobabili, bababulala base bebashisa nendlu.
IKhansela lakuleyandawo uMnuz. Mathenjwa usiqinisekisile lesigameko sokubulawa kukamama wekhaya, ubaba kanye nendodana yabo, nobe esesigxeka kakhulu lesi senzo wathi uyathemba ukuthi amaphoyisa azobabopha abenzi balokhu. Kuvele nokuthi kukhona umkhondo olandelwa amaphoyisa.