Imibono

UNqubeko Ndlela We Nongoma FM Nenselelo Yokuziphatha Njengomuntu Osemehlweni Abantu

LAPHAYA kuMasipala wakwaNongoma esifundeni iZululand kunomsakazo womphakathi obizwa ngokuthi iNongoma FM osakazela izindawo zangakhona nezisondele kuwo loMasipala. Vele-ke iziteshi zomphakathi zincane ngaleyondlela. Iningi labasakazi balesiteshi abaziwa njengoba kungekho okutheni abagqame ngakho okungenza ukuthi ubazi ikakhulu uma ungeyena umlaleli walesiteshi. Nokho kunensizwa ewumsakazi laphana esize yaphenduka unontandakubukwa ngokuhlale izishutha inosaziwayo, imvamisa okusuke kungabasakazi bemisakazo emikhulu. U Real Nqubeko ndlela kwanongoma osuthu ungomunye wabasakazi beNongoma FM kanti uke wenza uhlelo lwantambama obelungena ngehora lesithathu (3) luphele ngelesithupha (6). Kuningi esengikuqaphele ngalensizwa, ikakhulu indlela eziphatha ngayo ezinkundleni zokuxhumana nokuyi-platform abantu abaningi abayisebenzisela ukuziveza kahle kubantu kepha yona yenza okuhlukile njengoba imele ukubathuka.

Abantu lapha ezinkundleni zokuxhumana bakhuluma noma ikanjani futhi bakhuluma noma yini kodwa njengomuntu ofundisekile nosemsebenzini wokusebenza ngabo kumele ngabe wazi kangcono uNdlela ukuthi kulindeleke ukuba aziphathe kanjani futhi aphendule kanjani ezimeni lapho abantu bekhuluma ngendlela angayithandi ngoba le yokubathuka udede iveza yena njengophuma silwe oyiqaba.

Lomsakazi kuke kwakhulunywa izindaba zokuthi uyashiya kulomsakazo emuva kokuvela kwezindaba zokuthi ungene uthe shi ezindabeni zepolitiki yamaqembu abebanga ukuphathwa komkhandlu kaMasipala wakwaNongoma. Ngokwemibiko esinayo uNdlela ubengabufuni ukuholi beMeya u-Albert Mngcwango we-IFP ngoba bebumsola ngokuthi usebenzisa umsakazo ukubunyundela kubalaleli ekubeni uMasipala ubuxhase lomsakazo ngezimali zawo. Ngesikhathi kumapeketwane kulowa mkhandlu phakathi kwamaqembu epolitiki abebanga ukuphatha uNdlela wayengafihli ukuthi ukuthi weseka i-NFP eyagcina iwutholile uMasipala isizwa yi-ANC. Uma ungazi ungaze ucabange ukuthi lomsakazi usebenza njengomkhulumeli weMeya kulo Masipala. Ngakho umbuzo esisala nawo owokuthi lomsakazi uyakuqonda yini ukuthi kusho ukuthini ukuba umsakazi nokuhlukanisa umsebenzi wakhe wasemsakazweni nokuba usopolitiki?

Ziningi izigameko esiziqaphelayo zakhe nakuba sazi ukuthi umuntu unelungelo lokwenza noma yini futhi simjabulela ukuthi wenza umsebenzi awuthandayo futhi anethuba elihle lokuphuemelela kuwona kepha okusikhathazayo ukuthi isiphiwo sakhe simenza akhukhumalelwe ikhanda angakwazi ukubona okuhle nokubi. Kamuva nje ekhasini lakhe laku Facebook ukhwele wadilika kubantu ethi bayamdakelwa. Ubebasola ngokuthi bafuna ukumkhethela ukuthi athande muphi umculi kaMaskandi. Mayesho uthi bake bathi uhamba noKhuzani manje sebethi uhamba no Limit. Manje esizibuza khona ukuthi uma ewusaziwayo njengoba ecabanga yena sikhona yini isidingo sokunaka abantu abangaka abahlezi bekhuluma ngaye. Uzokwazi yini ukubathuka ngayedwana njengoba kubukeka sengathi uyishinga.

Omunye umlaleli owuSboniso Zwide ubhalile ephendula lombhalo kaNdlela wathi “ungumsakazi osafufusa kwezokusakaza kuRadio station esafufusa….ungaqali uphakamise ikhanda mfanakithi luselude ukhalo…yebo kungenzeka uyaxhumana nabasakazi bakweminye imsakazo emkhulu edumile kodwa ungalenzi iphutha lokuzifanisa nabo..”. Okugqamile ukuthi akaboniseki lomsakazi njengoba bonke abazama ukumbonisa ngephutha alenzayo lokuthuka abantu uvele athi bengamdakelwa, siyazi ukuthi nathi njengoba sizama ukuveza loluhlangothi ngenhloso yokumxwayisa uzothi siyamdakelwa.

Umhleli

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.