Izindaba

Udalula Abamfuna Embhedeni Owazishintsha Ubulili

AKANASIKHATHI sokuhleka uNomalizwi MC Mhlongo waseMpangeni osevele waveza obala amadoda amfuna ocansini ekhasini lakhe ku Facebook. UNomalizwi ungowesilisa owazishintsha ubulili waba owesifazane njengoba enemizwa yokuba owesimame kanti unguthisha kwesinye sezikole eMpangeni enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natali. Ekhasini lakhe usedalule abesilisa ababili abamhlupha ngokufuna ukulala naye. Owokuqala ubekhala ngokuthi uMaMhlongo uyamziba, kwathi owesibili wakhala ngokuthi bakhona abanika mahhala kodwa yena uyamncisha.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.