Izindaba

Udalula Abamfuna Embhedeni Owazishintsha Ubulili

AKANASIKHATHI sokuhleka uNomalizwi MC Mhlongo waseMpangeni osevele waveza obala amadoda amfuna ocansini ekhasini lakhe ku Facebook. UNomalizwi ungowesilisa owazishintsha ubulili waba owesifazane njengoba enemizwa yokuba owesimame kanti unguthisha kwesinye sezikole eMpangeni enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natali. Ekhasini lakhe usedalule abesilisa ababili abamhlupha ngokufuna ukulala naye. Owokuqala ubekhala ngokuthi uMaMhlongo uyamziba, kwathi owesibili wakhala ngokuthi bakhona abanika mahhala kodwa yena uyamncisha.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com