Izinhlelo Zokudodisa Abafana Enseleni
IMEYA yaseMhlathuze City uMnuz. Xolani Ngwezi kuthe ngoLwesine wagubha usuku lwakhe lokuzalwa ngokuhlanganyela nabafana abancane base lokishini laseNseleni. Lokhu ukwenza ngaphansi kohlelo lokukhulisa izingane zabafana ukuthi zikhule zibe amadoda akusasa aqotho nangahlukumezi. Ngaphansi kwalo hlelo lukaNgwezi, labafanyana bafundiswa nangobungozi bodlame olubhekiswe kwabe sifazane, ukwenza ubugebengu nokudla izidakamizwa. Phakathi kosaziwayo abakhulumile kulombungazo wosuku lokuzalwa lukaNgwezi bekukhona noKini Shandu owake wasakaza kuGagasi FM naku Daily Thetha kuSABC 1.