ABANTUIzindaba

Izinhlelo Zokudodisa Abafana Enseleni

IMEYA yaseMhlathuze City uMnuz. Xolani Ngwezi kuthe ngoLwesine wagubha usuku lwakhe lokuzalwa ngokuhlanganyela nabafana abancane base lokishini laseNseleni. Lokhu ukwenza ngaphansi kohlelo lokukhulisa izingane zabafana ukuthi zikhule zibe amadoda akusasa aqotho nangahlukumezi. Ngaphansi kwalo hlelo lukaNgwezi, labafanyana bafundiswa nangobungozi bodlame olubhekiswe kwabe sifazane, ukwenza ubugebengu nokudla izidakamizwa. Phakathi kosaziwayo abakhulumile kulombungazo wosuku lokuzalwa lukaNgwezi bekukhona noKini Shandu owake wasakaza kuGagasi FM naku Daily Thetha kuSABC 1.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com