EZISEMATHENIIzindaba

I-SABC Isiphendulile Encwadini Esabalele Ezinkundleni Zokuxhumana Eveza Izinsolo Zenkohlakalo Emsakazweni Ukhozi FM

Ngiyabingelela, Ms. Sbongi Ngcobo,

Mphathi wesiteshi somsakazo, Ukhozi FM.

Obhala lana ngu-Douglas Ngobeni, oyintatheli ebhala ngokuzimela, ibhalela izindlu zezindaba ezishicilela online.

Ngibhalela ukukubuza nansi imibuzo engezansi neyizinsolo ezinobufakazi ezibhekiswe kuwe; nokuziphatha kwakho. Siyacela ukuba uphendule:

(1). Kunezinsolo ezithi uyambandakanyeka ezimalini zomsakazo womphakathi, Ukhozi FM, ezogcina zicebise wena, ikakhulukazi izimali ezisuka ebhange i-Standard Bank.

(2). Kubikwa ukuthi wena wenze isivumelwano namakhasimende akhangisayo, kuhlanganisa nebhange i-Standard Bank, ukuba bakhokhe kuwe ngasese, waphinde wasebenzisa isikhundla sakho ukuphoqa abasakazi ukuba bafake izikhangiso zebhange i-Standard Bank ngokungekho ohlelweni lomsakazo, futhi bengawukhokhele umsakazo.

(3). Kubikwa ukuthi usudale ukungabi bikho kozinzo emsakazweni, ukudideka kanye nokwehlukana phakathi kubasebenzi kwa-SABC ngoba ususebenza ngendlela eshayisana nomphathi wakho uSiphiwe Sixaso njengoba usemkhankasweni wokudla isikhundla sakhe. Ezikhathini ezimbalwa usuze waqamba amanga ngaye ezikhulwini eziphezulu kwa-SABC, uthi akawunakile umsakazo, Ukhozi FM.

(4). Kuphinde kube nemibiko ethi wena ujola nomunye wabasebenzi abangaphansi kwakho emsakazweni, nokungumsakazi owaziwa ngelikaNjinji. Ubudlelwano benu sebuphenduke indabamlonyeni emsakazweni nephinde ilethe amahloni kwabaningi. Kubikwa ikuthi usuke wamshaya kabi uNjinji, wacekela phansi imoto yakhe, uyibhokla ngenduku eyinsimbi yegalofu kubuka abasebenzi obaphethe emsakazweni.

(5). Kubikwa nokuthi uphinde wahlasela washaya kabi owesimame esigodle igama lakhe nobethandana noNjinji, nokuholele ekutheni achithekelwe yisisu.

(6). Kuphinde kube nezinsolo ezithi wena nezikhulu zebhange i-Standard Bank ngiyasebenzisana ukupheka amavoti engoma ezohlukanisa unyaka neyaziwa nge-Top 10, Song of the Year, ukuze konke kuvune umculi uKhuzani Mpungose niphinde abe yinxusa lalo ibhange leli. Ukwenza lokhu ngendlela yokuthi uphinde uputshuzele uKhuzani ukuma kwezinamba zamavoti, okungenzeki kwabanye abaculi nokunika yena i-advantage ngaphezu kwabanye abaculi. Ngabe uyakuphika lokhu?

(7). Izinsolo zithi uKhuzani uze ahambe equmba kwabasondele naye ngobudlelwano anabo nawe ngasese, aze abakhombise imilayezo ka-WhatsApp yakho naye la umkhombisa khona ongakukhombisi abanye abaculi asohlwini olulodwa nabo.

(😎. Kubikwa nokuthi waphinde wahlomula imali emcimbini owawuhlelwe nguKhuzani nebhange i-Standard Bank, iGcwalisa Spring Picnic. Kubikwa ukuthi ungumsizi kaKhuzani noMageza Mbambo, ukwenza lokhu ucashe ngesikhundla esinamandla emsakazweni.

(9). Kubikwa ukuthi usezinhleIweni zokuchitha i-agency esiza ukubala amavoti engoma ehlukanisa unyaka ngoba ikhombisa ukungakuthandi ukugxambukela kwakho ngokuthi ufune bavune uKhuzani Mpungose.

(10). Kubikwa ukuthi usuhlonze i-VIB Mobile ukuba ithathe lomsebenzi. Kuthiwa ukhetha i-VIB Mobile nje yingoba uphinde uwotawotane ne-CEO yayo lenkampani, u-Mr. Leroy Mohaneng.

(11). Kuthiwa usubonakale kaningana utetemuka ngemoto yakhe, i-G Wagon emhlophe. Izithombe zalokho ezingubufakazi zigcwele ku-social media account yakho.

(12). UNjinji, isoka lakho eliphinde libe ngumsebenzi wakho emsakazweni Ukhozi FM, kubikwa ukuthi ukumuhluze kabi ethola ukuthi wena uzwana no-Leroy Mohaneng, nokuholele ukuthi ugcine ungene esibhedlela ngenxa yenduku.

Sicela ukuba uphendule ngaphambi kuka-29/12/2023, isikhathi 16h00.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.