Izindaba

Liboshwe Yi-IPID Iphoyisa Elidubule Umuntu Engahlomile

IPHOYISA elidubule umuntu wafa engenzanga lutho eSomerset West ngase Cape Town liboshwe yi-Independet Police Investigative Directorate (IPID). Okhulumela i-IPID uPhaladi Shuping uthe lesigameko senzeke ngoLwesibili. Kubikwa ukuthi amaphoyisa abone abantu abane abebehamba emgwaqeni bebheke ngasegaraji likaphethiloli abamisa abuza ukuthi bayaphi, basho ukuthi bayothenga uphethiloli. “Amaphoyisa lawa abe esetshela laba ukuthi abaphindele emakhaya nokube nokuhilizisana ngesikhathi laba benqaba njengoba bebewatshela amaphoyisa ukuthi uyadingeka upethiloli. Kuthe kusenjalo iphoyisa lakhipha isibhamu ladubula umuntu obengahlomile nobengeyona ingozi kulona walimala kanzima wagcina ngokuphangalala. Amaphoyisa angozakwabo abe esebikela i-IPID yafika masisha laboshwa khona lapho leli edubulile.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.