Izindaba

Umkhankaso Ka Dlala Thukzin KwezoKhozi FM Usushintshe Igiya

USUNGENE kwelinye igiya umkhankaso kaDlala Thukzin wokukhankasela ingoma yakhe ethi ‘iPlan’ kwezizokuhlukanisa unyaka OKhozini FM. Lo DJ uke wazithela ngabandayo kusanda kumenyezelwa izingoma ezingene ku Top 10 nokubonakale izihlabani ezimbili zikaMaskandi uKhuzani no Mthandeni kungathi izona ezibangayo ngezingoma zazo, ‘Umjolo Lowo’ nethi ‘Paris’.

Kuthe muva nje wavuka wazithintitha uThukzin njengoba eze wabhala ekhasini lakhe ku Facebook ukuthi ubengenawo umdlandla ngalento yoKhozi kodwa ngenxa yabantu abamgqugquzelayo useyabona ukuthi likhona ithuba lokudla umhlanganiso. UMKHAYA ungakuqinisekisa ukuthi lengoma kaDlala Thukzin ingezinye zezidlisayo ezindaweni zobumnandi kanti idlalwa cishe izwe lonke nasemazweni angomakhelwane lakuleli.

Umdidiyeli nomphathi kaThukzin uDogg Dbn ubonakala kunguye uKapteni walomkhankaso kaThukzini njengoba lingashoni ilanga engafakanga lutho ekhasini lakhe laku Facebook ukuphusha lengoma. Kunezinqwembe ezifakwe zonke izindawo eziphithizela abantu ezitshengisa ukuthi ivotelwa kanjani lengoma. Kunanemicimbi ehlelwayo ukuzama ukuhlanganisa abantu ukuthi bevote ndawonye ukwenza isiqiniseko ukuthi iyawudla umhlanganiso lengoma. Uma ufuna ukuyivotela lengoma kaDlala Thukzin ethi ‘iPlan’, SMS INGOMA C KU 33665.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.