EZISEMATHENI

Emva Kokusaba UJehova Sabani Abesifazane

OWESIFAZANE waseMgungundlovu ufice iphenti lomunye emqashweni wendoda yakhe wangachitha sikhathi wawubhunqisa ngomlilo. Lesi gameko senzeke ngokhisimuzi ngesikhathi lo wesifazane evakashele isoka lakhe kwaFelekisi eManzimtoti ababe nengxabano nalo nokuthe isidambile isoka laya emsebenzini wasala udade lona wapequlula endlini yesoka kanti uzozithela ephentini angalazi. Akabuzanga mbuzo uphuthume wayothenga uphalafini wabhunqisa kwasani ebisendlini. Indlu ebiwumqasho wesoka ishe yangqongqa kwaqhuma nophahla lwayo. Okuthiwa bekucasula kakhulu lona wesifazane obethi enza lokhu ebe evulela emlonyeni ukuthi isoka lakhe selinenye intombi. Abamzwile bathi ubememeza ethi uzowuqaqa upende lomgodoyi (isoka) akhale ngokuthi umubhanqe nento eqothukile. Amaphoyisa athi likhona icala elivuliwe mayelana nalesigameko kodwa lona wesifazane usagcwele amathafa, akaziwa ukuphi.

Kwesinye isigameko esenzeke eNorth West owesifazane oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili (38) ugxishe ibhodlela likabhiya esithweni sangasese somunye wesifazane oneminyaka eyishumi nanhlanu (15). Kuthiwa ulishiqeke lonke kulo wesifazane laze lasithela langabonakala. Akwaziwa bekubangwani kodwa amaphoyisa amtholile lona ogile isimanga amfaka ozankosi uzovela enkantolo ngoLwesithathu.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.