EZISEMATHENI

Ushiye Angalazi U-Dogg DBN OKhozini Ngolwengoma Ezohlukanisa Unyaka

UMCULI wePiano uDogg Dbn uzwakalise ukunengeka ekhasini lakhe lika Facebook ngesikhathi edalula ukuthi njengamaciko bazoyeka ukuzihlanganisa nento ethinta Ukhozi FM uma luqhubeka nale ndlela elenza ngayo uma kuvotelwa ingoma ezohlukanisa unyaka. Ukhuluma kanjena nje uDogg Dbn kusaqhubeka ukuvotela ingoma ezohlukanisa unyaka oKhozini kanti okwamanje izingoma ezidla ubhedu ezabaculi abazimbangi kumaMaskandi uMthandeni SK ngayenza no Lwah Ndlunkulu ethi ‘Paris’ neka Khuzani ayenza no Luve ethi ‘Umjolo Lowo’. Enye ingoma esezithendeni kulezi eka Dj Thukzin wePiano ayenza noZaba noSykes ethi ‘iPlan’.

U-Dogg Dbn uthe abaculi isibami emphinjeni lento yoKhozi. “Uma ingawini lengoma ethi ‘iPlan’ kaDlala Thukzin kodwa kuwine noma iyiphi nje kwezikaMaskandi kobe kuphelile ngalento yoKhozi yokuba isiteshi sengoma ehlukanisa unyaka. Lento isiphenduke yaba eya KwaZulu-Natali ayisabahlanganisi abaculi abavela kwezinye izindawo, empeleni iqeda ubumbano esilwakhayo njengabaculi”, kusho yena uDogg Dbn. Uqhubeke wathi “kahlehle kumele ngabe umuntu uvota kanye, ngoba le yokuvota kaningi iyona ebhedisa lonke lolu hlelo. Umuntu nje onezinto azenzayo akanaso isikhathi sokuchitha ilanga lonke evota kodwa amabhinca wona anesikhathi sonke ngoba iningi lawo ayimiquba emakhaya. Abantu banamabhizinisi abawanakile osukwini asikho nje isikhathi sokuvota ilanga lonke. Sekuyisikhathi sokuthi Ukhozi FM lunqume ukuthi lento eyaKwaZulu-Natali noma ekazwelonke”.

Kuzokhumbuleka ukuthi akusiye owokuqala uDogg Dbn ukukhala ngalolu hlelo loKhozi lokuvotela ingoma ezohlukanisa unyaka. Eminyakeni edlule umculi waseThekwini u uZakes Bantwini uke waveza olwakhe uvo naye ngalolu hlelo loKhozi akhale ngokuthi alinalo iqiniso. UBantwini waze wasabisa ngokuluduba futhi akazugcina lapho uzonxusa nabanye abaculi ukuthi baludube “Uma iqhubeka lento kuzofanele sizitholele isiteshi esizokwenza into enobulungiswa esingeke sincetheze nohlobo olulodwa lomculo”, kuphetha uDogg Dbn.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.