UNgizwe Mchunu Ugxibhe Umholi We-EFF Ngoluka Zuma
OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM uNgizwe Mchunu udlulise umyalezo oshubile kuMnuz. Julius Malema we-EFF ngesikhathi enenkulumo abeyibhekise kubalandeli bakhe ngoMgqibelo. Lenkulumo ubeyihlele ngenhloso yokuphendula izinkulumo ebese zisabalele zokuthi usejoyine iqembu elisanda kusungulwa i MK Party.
Kuyo lenkulumo ube esegxibha uMalema ethi uMnuz. Jacob Zuma wazithola esehhahhezwa ngabantu ngomkhankaso i “Zuma Must Fall” ngenxa yakhe uMalema ne-EFF yakhe. “Ngiyezwa kuthiwa uthi uza eMabhida, ephi khona? Kuphethe mina la KwaZulu-Natali, abantu bala bezwa mina. Akahambe yena abize amaShangane angakubo le eSeshego”, kusho uMchunu. Uqhubeke wathi “wena Malema mawufuna ukukhuluma nabantu babizele ngakini la amadlozi akho ezokuzwa khona, ayi la KwaZulu. Uma ufuna ukukhuluma nabantu bethu sitshele ukuthi ubabizelani futhi ufuna ukuthini kubona”.
Okhulumela i-EFF uSinawo Thando uthe iqembu labo lizoya eMoses Mabhida Stadium liyokwethula umkhankaso walo wokhetho futhi akukho muntu ozolivimba ezweni elibuswa ngentando yabantu.