ABANTU

Ugila Izimanga Kwezolimo Uthisha Wase Mathubesizwe

UKUFIKA esikoleni ezolekelela othisha ikhona okwamfaka uthando lokuba uthisha u Simchina Gumede (osesithombeni) ofundisa i-Life Science eMathubesizwe High School eMacambini. UGumede utshele UMKHAYA ukuthi into emgqugquzelayo ngalo msebenzi awenzayo ukubona umfundi efika ekilasini lakhe engenalo ulwazi ngesifundo sakhe kodwa aphume esewushampeni ngenxa yakhe.

Ngokuvamile abantu besifazane abavumi ukudalula iminyaka yabo kodwa kuGumede kuhlukile njengoba ekuvezile ukuthi uzalwe mhlaka 13 Febhuwari 1994 esigodini saseZinkambeni eMatigolo Brigde. Uqale imfundo yakhe yamabanga aphansi ezikoleni eMgovuzo Primary, Ubuhle BeSundumbili Primary, Macambini Primary, Lambothi Primary, Thukela High School wase ephothula ibanga leshumi nambili (Grade 12) eMathubesizwe High School. Iziqu zokufundisa uzithole e-University of KwaZulu-Natal ekhempasi yase-Egdewood.

Ngaphandle kokuba uthisha uGumede ubuye abhale izinkondlo kanti unencwadi yezinkondlo eshicilelwe enesihloko esithi “IMBALI EMILA NASOGWADULE”. Utshele UMKHAYA ukuthi okunye akuthandayo ukugqoka kahle ingakho enelebuli yezimpahla ebizwa ngokuthi i ‘Simchina Brand’. Okunye amatasa ngakho uGumede ezolimo. “Kunomngani wami okuthiwa uSimanga onezimoba. Lo msebenzi wokulima ujwayeleke wenziwa amadoda. Bengike ngimbuke umngani wami ematasa ngisho ngenhliziyo ukuthi ngeke ingihlule lento. Nginenkolelo yokuthi yonke into iba nesiqalo. Ngithe mangiqala ngatshala i-spinach ngenhloso yokujwayeza isandla”, kuchaza uGumede. Uthe ngo-Agasti nonyaka ube eseqala etshala umoba nawubona ukhula kahle.

UGumede uthe uzibona enza kahle kakhulu kulendima yokulima kwazise uwumuntu okhuthele futhi othanda izinto ezinhle. Eminyakeni ezayo uzibona enepulazi likamoba, imishini yokulima nogandaganga bokusebenza.

Esikuqaphelile kule ngxoxo esiyenze noGumede ukuthi ngale komsebenzi wokufundisa, uwumuntu obathandayo abantu ngokudalwa. Kunezinhlelo anazo zokunikela azenzayo emphakathini ngenhloso yokwenza umehluko. “Makuqala unyaka ozayo nginezinhlelo zokuthi ngithenge izicathulo ngisize abazali abazobe bengenawo amandla okuthengela abantwana babo”, kuphetha uGumede oluleke ngokuthi empilweni kumele noma yini ofuna ukuyenza uyiqale ngoba mawuke waqala usuke usufana nophakathi nendawo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.