U-Selbyonce WoKhozi FM Uzigaxe Ezindabeni Ze Gagasi FM
NJENGOBA kunesasasa ngengoma ezohlukanisa unyaka emisakazweni eminingi, neGagasi FM lineyalo i Top 100 okuzophuma kuyo ingoma ezohlukanisa unyaka phakathi kwamabili ngomhlaka 31 Disemba nonyaka. Kuthe ngoLwesihlanu ohlelweni lwantambama i ‘Gagasi FM Drive’ kwezwakala umphathi wabadidiyeli kulo msakazo u-Ayanda Melansi ethula izinhlelo zesiteshi zokuhlukanisa unyaka nabasakazi abazoshiyelana inkundla. Uqede lapho wabhala ekhasini lakhe lika-Facebook ememezela khona ukuthi kuzobe kubukwa lomsakazo ngohlelo lwabo i #GagasiFMNYE, #31DecemberLineUp ne #GFMTop100. Kube sekuphawula umsakazi woKhozi FM uSelby “Selbyonce” Mkhize ethi “Wiiii Maaah Mxm BRING IT ON!!!!!”, nokungatolikwa ngokuthi ubethi iGagasi FM alenze noma yini Ukhozi FM alubenqeni. Emuva kwalokho kube nokujojana ngamazwi phakathi kwabalaleli beGagasi FM no Selbyonce.