Kume Nse Ukuhamba Emgwaqeni Owesifazane Efuna Ubulungiswa
OWESIFAZANE waseShakashead ngase Ballito usevale umgwaqo wamisa konke okudlulayo enqunu. Akudluli kwasani njengoba ethi uma kungakenziwa ubulungiswa usazoqhubeka nokuba nqunu la. Uthe esuka wayethatha ingane yakhe wama nayo wathi abafuna ukumbulala, abambulale nayo. Lona wesifazane obebizwa ngo Sli ubenqunu emgwaqeni ofanayo nalo okusanda kusha kuwo umuzi owaba amaklobo. Intatheli yoMkhaya ilutholile udaba ukuthi lona wesifazane ukhala ngokuthi walalwa owesilisa ozalwa uninalume. Ngokwakhe lokhu kwenzeka ngoba eseshonelwe abazali bakhe. Manje useze wazala izingane ezimbili zakhe lona ahlobene naye ngoba encenge indawo yokuhlala.Wenza konke lokhu ngoba efuna ukunakwa ngoba isiminingi iminyaka enganakwe muntu. Umphakathi ukwazile ukumzuma wabamba ingane wase udila naye.