EZISEMATHENI

Inikwe I-bail Ka R5000 Indoda Etholwe Nezinyoka Ezingu-23

ITHOLE i-bail ka R5000 indoda yaseSpringbok eNorthern Cape eboshwe emuva kokutholakala nezinyoka ezingamashumi amabili nantathu (23) emzini wayo. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa akuleya ndawo u-Cherelle Ehlers uthe uphiko lwamaphoyisa iSpringbok Theft Unit, Endangered Species Unit ne Springbok K9 Unit bebenze ukhukhulela ngoqo wokusesha emphakathini base bethola ulwazi lokuthi kunomuzi okugcinwe kuwo izinto ezingaqondakali. Amaphoyisa efika emzini ka Duston Henric athola ama-container anezimpahla zikagesi okungaqondakali ukuthi uzigcineleni kanye namanye anezinyoka ezihlukahlukene. Wabe eseboshwa khona lapho emuva kokuhluleka ukuchaza ukuthi uzitholaphi zonke lezinto futhi uzigcineleni”, kusho u Ehlers.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.