Ushaye Indodakazi Wacishe Wayikhipha Umoya
UBABA ka-Awethu Blose wamphihliza wamgandala wamshiya enje (buka isithombe) ngoba ethi uyamqondisa. Lesi gameko sokushawa kwalentombazane eneminyaka eyishumi nantathu (13) senzeke mhlaka 15 Disemba 2023. Kuthe ngomhlaka 16 Disemba uyise wathathwa amaphoyisa malungana naso lesigameko kodwa asheshe amdedelela. Intombazane isalaliswe esibhedlela njengoba ingakwazi ngisho ukunyakaza.