EZEMIDLALOEZISEMATHENI

UPitso Uzoqeda Indlala Yezindebe Ku Chiefs

I-KAIZER Chiefs ebhedelwa izinto kulezi nsuku isanda kumemezela ukuthi isezinhlelweni zokuthola umqemqeshi ozoqala ukusebenza ngesikhathi sekhefu le-DStv premiership. I-Chiefs ingelinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika nanomlando wokuqoqa izindebe kodwa kuleminyaka edlule onke amasizini aphela ingafakanga lutho ekhabetheni layo. Kulesimo ezithola ingaphansi kwaso, isizame amaqhinga abaqeqeshi abahlukene kodwa akukho okulungayo njengoba bonke bekhonjwa indlela.

Kunamagama abaqeqeshi abaqavile abamataniswa naleli qembu lase Soweto eliphansi phezulu lizingela umuntu ozobuyisa isithunzi salo kanye nezinsuku ezimnandi. Phakathi kwalamagama kuvela elika Pitso Mosimane oyinkakha ebholeni likanobhutshuzwayo nosewine inqwaba yezicoco namakilabhu amakhulu. UMosimane uqale ukugqama ebholeni njengomqeqeshi eseyibambe ku Supersport United ayisiza ukuyibuyisa ku-PSL njengoba yayidliwe izembe. “Nami ngike ngabhekana nezinselelo eziningi. Ngafica i Supersport isanda kudliwa izembe, ngayisiza ngiyinqobisa imidlalo kwi-CAF Champions League ngabuye ngayifaka emidlalweni yamanqamu eminingi ku-PSL”, kuchaza uMosimane.

Losondonzima womqeqeshi webhola owanqobisa iMamelodi Sundowns inqwaba yezicoco ze-league eNingizimu Afrika uthe isomiso seminyaka sezindebe ku-Chiefs angasiqeda yena. “Ukunganqobi izindebe kwe-Chiefs iminyaka eyisishiyagalombili (8) into eyenzeka kuwona onke amakilabhu ebhola emhlabeni. “Mina ngingaguqula izinto lapha eNaturena. Kumele kushintshe indlela abebekade benza ngayo yonke leminyaka. Ngesikhathi ngifika kwi-Sundowns babengakaze benqobe neyodwa indebe eminyakeni eyisithupha (6) kodwa ngafika ngakushintsha konke lokho”, kusho uMosimane.

Ekhuluma ephephandabeni eliphuma ngeSonto, iSunday World uthe angeke aziyele ku-Chiefs kodwa iyona okumele imbize mayisibona isidinga sakhe. Uphinde waveza ukuthi uyaxhumana nezikhulu zayo, kokunye kuyenzeka babonane emicimbini nasemingcwabeni kodwa bengakhulumi ngebhola.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.