Umama Weseka Indodakazi Ekhulelwe Ina 12 Iminyaka
UNINA walentombazanyana eneminyaka eyishumi nambili (12) uthi uyaziqhenya ngayo, ngeke alahle ingane yakhe yena ngenxa yemibono yabantu. Intombazane le ikhulelwe kade yenza ibanga lesithupha (Grade 6) kanti unina uthi uma isitetile uzoyibhekela umntwana wayo ukuze iqhubeke nesikole ngonyaka ozayo njengoba iphumelele nje.