EZISEMATHENI

UNgizwe Ukhonjwa Kwelika Zuma

OWAYEMSAKAZI woKhozi FM uNgizwe Mchunu kubikwa ukuthi ungomunye wosaziwayo asebejoyine iqembu elisha i MK Party. Akuqondakali ukuthi uzwakale ethini uMchunu kodwa ababika izindaba bathi ujoyine ngoMsombuluko njengelungu laleli qembu elisematheni kusukela ngoMgqibelo emuva kokuba owayengumengameli wakuleli uMnuz. Jacob Zuma ememezele ukuthi uzolikhankasela. UMchunu usanda kuphuma phambili ecaleni lokugqugquzela abantu ukuthi betape ngesikhathi sezibhelu ngo Julayi 2021. Lokhu kutapa kwakweyemaniswa nokuboshwa kukaZuma ngo June 2021 ngecala lokudelela isakhiwo sezobulungiswa emuva ngokunqaba ukuvela phambi kwekhomishini eyayiholwa umahluleli uRaymond Zondo, iphenya ngokuqhwagwa kwamandla ombuso. UZuma waboshwa izinyanga eziyishumi nanhlanu (15) ngaleli cala agcine ephume kulo ngoshwele. Ebuzwa uMchunu ngezinsolo zokujoyina i MK Party uthe akakazophawula.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com