Thokozela Amaholidi Ngamakhekhe e-SA Bakery ka Sonto Hlela
UMQONDO webhizinisi lamakhekhe umfikele ngo 2019 esanda kubeletha umntwana wakhe wokuqala uSonto Hlela wasoHwebede eMandeni. “Cabanga ngesikhathi ngiqala ngangithi ngenzela ukuthi ngikwazi ukuzithengela izinto zengane ngemali engizoyenza ngaleli bhizinisi njengoba bengizikhulisela yona ngingedwa”, kuchaza uSonto.
Igama lebhizinisi lika Sonto i-SA Bakery elisukela ezinhlamvini zokuqala zamagama engane yakhe yokuqala nathe lokhu kuyigugu lomtanakhe. “Ngiliqale ngo-2019 ngisanda kubeletha, ngihambe ngingena imizi yabantu. Nokho bengibuye ngiphazamiseke kodwa manje sengizimisele ngokuthi ngingami”, kusho yena uSonto.
Amakhekhe kaSonto alungele ukudliwa abantu bonke kanti ngalesikhathi samaholidi iwona akahle ngoba kubuye kubangwe ukupheka ngaleyondlela angeke ubulawe indlala ekhona amakhekhe. Abahlela imicimbi nokunye nabo bangakwazi ukufaka i-order akwenzele. Amanani awo angakhonwa nawumuntu ongasebenzi. Buķa nje ngoba liwu-R5 lilodwa; abe i-R10 emathathu.
Amabhakede: R90 amalitha ayisihlanu (5); R250 amalitha ayishumi (10); R350 amalitha angamashumi amabili (20). “Ngiyafisa ukuthi ibhizinisi lami likhule ngenze nezinye izinhlobo zamakhekhe njengoba okwamanje ngisenza lawa abantu abawabona ezithombeni”, kuphetha uSonto. Uma ufuna ukuxhumana naye ungangena ekhasini lakhe ku Facebook [Sonto Hlela]