EZISEMATHENIIzindaba

Kuboshwe Ikhansela Le-DA Ngokufa Komfazi Walo Nezingane

AMAPHOYISA agcine ethole ubufakazi obukhomba lona ikhansela le-DA uMnuz. Micheal Buthelezi elaba ngungqondongqondo ngokufa komkalo nezingane zabo ezintathu emzini wabo eBergville ngo-Okhthoba nonyaka. UButhelezi wafonela ikhansela le-IFP uTiza Khoza eliwumzala wakhe ecela usizo ngesikhathi indlu yakhe ibhenguka amalangabi. UKhoza wafika ehamba nendodana yakhe bathola ukuthi kuvalwe ngaphakathi endlini, bazama ukugqekeza isicabha bangena. Isisi sentuthu nokusha mawala kusolwa ukuthi ikhona okwaholela ekufeni kukankosikazi kaButhelezi nezingane zabo. Uphenyo lwamaphoyisa luthole ukuthi kunokushayisana ezintweni ezikhulunywa uButhelezi. Kuvele ukuthi kwesinye isitatimende uthe akukho akukhumbulayo njengoba kwakuduma ikhanda kodwa kwesinye utshele amaphoyisa uyamazi umhlaseli waze wamqagula negama.

Esitatimendeni esikhishwe umholi we-DA esifundazweni saKwaZulu-Natali u-Francois Rogers uthe sebezwile ngoKhomishana wamaphoyisa esifundazweni u-Leiut. General Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi ikhansela labo seliboshiwe njengoba kuyilona umsolwa oqavile kuleli cala. “UButhelezi useboshiwe ngecala lokubulala umkakhe nezingane zabo ezintathu. Thina siyiqembu elikholelwayo ekugcinweni komthetho nobulungiswa ngakho uma ezobulungiswa zimthola enecala kuyofanele athole isigwebo esimfanele’ kusho uRogers.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.