EZISEMATHENI

I-IFP Isikulungele Ukuphatha uHulumeni

NGOMSUMBULUKO isigungu esiphezulu se-IFP besihlangene nezikhulu zakwa Statistics SA ngenhloso yokuqoqa ulwazi ezolusebenzisa uma seyakha umqulu wayo wokhetho lwango-2024. I-IFP ebiholwa umengameli wayo uMnuz. Velenkosini Hlabisa kulo mhlangano ibonge kakhulu kuMnuz. Risenga Maluleke oyi Statistician-General kwa StatSA ngalomhlangano abangangabazi ukuthi uzobahlomisa ngolwazi olubalulekile ngezwe nangenhlalo yabantu emiphakathini. “Isethulo esenziwe abakwa-StatSA namhlanje sizosinika umqondo ophelele ngezinselelo ezibhekene nabantu bese sakha izinhlelo ezizophendula ngqo kulezo nselelo koMasipala esibaphethe nokuzokwenza nabanye lapho esingaphethe khona bahalele ukuthathwa iNkatha”, kunaba isitatimende seqembu.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com