EZISEMATHENI

“I-ANC Ayimdingi UZuma”

INKAKHA ye-ANC esanda kusula yabuye yasihoxisa isinqumo sayo uMnuz. Mavuso Msimang usephawulile ngesimemezelo sikaZuma asenze ngempelasonto sokuthi angeke ayikhankasele i-ANC ngo 2024 kunalokho uzozimatanisa ne MK Party esanda kusungulwa. UMsimang uthe i-ANC ayimdingi vele uZuma, ikahle nje engekho. “Kumele ngabe kuyamenyelisa kwayena lowo Zuma ukuthi usebenzisa igama le MK ngale ndlela”, kusho uMsimang.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.