Imibono

Ayiqine Imithetho Elawula Abokufika Kuleli

ABANTU bokufika bayazenzela eNingizimu Afrika futhi lukhulu luyeza siyothuka izwe seligcwele bona bese kuthi abawumsinsi bebe yingcosana. Izwe lethu liyemukwa kithi ngendlela ewumshosha phansi. Ukufa kwabengabadi ezindaweni ezihlukene kungazeki ukuthi bafa kanjani kumele ngabe kunomyalezo ofundwa uHulumeni.

Kunezigameko eziningi manje zokuthunjwa kwabantu emazweni ako Somalia, Ethiopia, Mali namanye asenhla ne-Afrika abalethwa lapha ezweni ngezinhloso ezimbi.

Esigamekweni sakamuva amaphoyisa athole abantu base Somalia abangamashumi amathathu nantathu (33) abebevalelwe endlini eBoksburg eGoli. Kuthiwa sekwandile vele lokhu njengoba kunemakethe yalama Spaza agcwele izwe lonke lapho okuthengwa khona abantu bokufika abathunjiwe ngo R18 000 umuntu emunye ngenhloso yokubasebenzisa mahhala.

Lo mkhuba wenziwa amazwe ama Arab e-Afrika nakwamanye amazwe njengoba manje sebengise ngawo eNingizimu Afrika.

Umhleli

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.