Akutholwe Isixazululo Kolwe Palestine Ne Israel
Eminyakeni edlule isimo sake saba eNingizimu Afrika kunodlame emiphakathini yabamnyama olwaluphakathi kwe-ANC ne IFP lapho kwasala khona abafelokazi, izintandane nemizi yasala yodwa lamaqembu ebulalana. Isikhathi lesi engiye ngikhulekele ukuthi singaphinde senzeke ngendlela okwakumuncu ngayo. Mase kuliwa kuba nzima ngisho ukuya emsebenzini kanti nezindawo zomsebenzi ziyavalwa ngenxa yokucabangela ezokuphepha. Ngakho isimo sendlala siyabhebhetheka kugcine kwanda ubugebengu. Mase kwande ubugebengu akekho umuntu onemali ocabanga ukusondela kuleyo ndawo, ngoba angeke utshale imali endaweni evutha umlilo.
Okwenza ngicabange ngalesimo izigameko zodlale esizibona ziqhubeka eGaza njengoba impi ephakathi kwe-Palestine ne-Israel ilokhu ishuba. Kulesigameko sokuqala esasenzeka eNingizimu Afrika kunomsakazi woKhozi FM owayayintatheli owagcina esesebenza ku SAfm uMnuz. Nhlakanipho Zulu engamuzwa ekhuluma ohlelweni lwakhe ayelusakaza ‘Ezanamuhla’ ethi yena ukube kuya ngaye ngabe kucelwa uSathane manje angenelele ngoba kuyacaca ukuthi uNkulunkulu usiyekelele lesimo.
Esigamekweni esenzeke ngeSonto eGaza kubonakale amabutho akwa-Israel ehlasela abantu abebekhosele ekhempini yababaleki esenyakatho nedolobha lababhuqa bonke, lasuka lapho laya esibhedlela esiseNingizimu nakhona labhunqisa izakhiwo okuze kwafa intombazanyana esaqhuma amabele ebivele ingeniswe kulesi bhedlela ingasenamlenze emuva kokulimala kwesinye isigameko esenzeke ngeviki eledlule. Nsuku zonke kubikwa ngezigameko ezinyantisa igazi ezenzeka eGaza nesezishiye abafelokazi, izintandane nemizi isele ingenamuntu. OHulumeni bamazwe ekubhungeni kwabo ngalesimo akukho sixazululo abasilethayo. Emasontweni edlule sike sabika ukuthi i-United Arab Emirates (UAE) yethule ubhalohlahlo (draft) ku-United Nations Security Council (UNSC) lapho beyiqhamuka khona namasu okuqeda lempi. Akekho owaziyo ukuthi kuzosebenza yini lokho kodwa nami sengize ngaba nalomqondo owafikela umsakazi woKhozi FM ukuthi kwekukhulekwe kuSathane hlampe angaletha ukuthula.
Umhleli