Izindaba

UZuma Uzokhankasela Iqembu Elisanda Kusungulwa Ngo-2024

SEKUPHELILE ukuqagela ngekusasa likaMnuz. Jacob Zuma kwezepolitiki. Esithangamini sezindaba ebesingoMgqibelo indodakazi kaZuma uDuduzile Zuma-Sambudla ifunde isitatimende ebesithi uyise uzokhankasela iqembu lepolitiki elisanda kusungulwa elibizwa ngoMkhonto Wesizwe. Leli qembu elisungulwe ngomakadebona be-ANC lizongenela ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe ngonyaka ozayo. Esitatimendeni sikaZuma ebesifundwa indodakazi yakhe uthe usebe yilungu le ANC iminyaka engamashumi ayisithupha nane (64) njengoba ayijoyina ngo-1958.

“Sengibe ilungu le ANC iminyaka engamashumi ayisithupha nane. Ngayijoyina ngo-1958. Sonke lesikhathi bengilokhu ngithembekile kuyona. Ngiboshwe iminyaka eyishumi (10) ejele lase-Robben Island. Ngiyoze ngife ngiyilungu le-ANC. Nokho i-ANC isishintshile. Isihluleke yancama ukuqwashisa ubuholi. Kufanele siyivikele i-ANC ezandleni ezingalungile. Khona okumele kwenziwe. Kuyaqala ukuthi silindele ukuthi i-ANC ingaluwini ukhetho. Kufanele siyivikele kuRamaphosa nembumba yabamhlophe. Angeke ngiyikhankasele i-ANC. Njengoba kwasho uThabo Mbeki, ethi kufana nokuzibulala ukukhankasela i-ANC. Ngokhetho luka 2024 ngizovotela Umkhonto Wesizwe Political Party”, kuphetha isitatimende sikaZuma.

Umkhonto Wesizwe Political Party ibhalise ku-IEC ngomhlaka 7 Sephthemba 2023 njengeqembu lepolitiki elizongenela ukhetho ngo-2024. Ngokwemininingwane evela kwa-IEC linamaHhovisi eThekwini, KwaZulu-Natali. Umuntu ovela njengokuxhunywana naye kuleli qembu uMnuz. Jabulani Sibongiseni Khumalo. Lizovela ephepheni lokuvota ngamagama afingqiwe athi M.K.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.