EZISEMATHENI

I-ANC Izofaka Umkhonto Wesizwe Enkantolo Ngolwegama

UNOBHALA we-ANC uMnuz. Fikile Mbalula uthi bazolifaka enkantolo iqembu elisungulwe ngonyaka odlule Umkhonto Wesizwe. Leli qembu lisebenzisa igama elifanayo nelophiko olungaphansi kwe-ANC, Umkhonto Wesizwe Military Veterans Association (MKMVA). UMbalula obecikekile uthe kuwukubukela phansi i-ANC ukusebenzisa leli gama njengoba linjalo ingakho bezokuphonsela inselelo lokhu. “Umkhonto Wesizwe igama le-ANC. Uma ufuna ukuvula iqembu, hamba kodwa uhlukane negama le MK phansi. Sizokuphonsela inselelo lokho”, kusho uMbalula. Ukhuluma kanjena nje uMbalula kuthe ngoMgqibelo owayengumengameli we-ANC uMnuz. Jacob Zuma (osesithombeni) wamemezela ukuthi ngeke ayikhankasele i-ANC okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe olungonyaka ozayo kunalokho uzokhankasela iqembu elisha Umkhonto Wesizwe (M.K.)

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com