EZISEMATHENI

Owendawo Yokuzivocavoca Ufuna Abantu Babe Imiqemane

KWAQALA ngokuthi aqale yena azivocavoce abantu base bethanda indlela abukeka ngayo base bemcela ukuthi abasize nabo benciphise amafutha, bebe nemizimba ebukeka kahle nenempilo. UMKHAYA ukhulume noSkhumbuzo Mngadi (osesithombeni) oyi-Fitness Trainer eBodyzone Gym engemuva kwezitolo kwaGcaleka eMandeni. UMngadi ohlala eRedhill elokishini laseSundumbili uthi abantu abafika endaweni yabo bayasho ukuthi bafuna ukusizwa kanjani bese umnikazi wendawo ebaxhumanisa naye.

Utshele UMKHAYA ukuthi abantu abangamakhasimende akhe abaningi ngabesifazane okuyibo abakhala kakhulu ngemikhaba ebakhipha ezintweni. “Ukuba khona kwale ndawo kwangisiza mina ngoba ngathola indawo yokuzivocavoca emuva kwalokho abantu bakhangwa indlela umzimba wami osubukeka ngayo base becela ngibasize nabo ukunciphisa izisu nokushisa amafutha ezindaweni eziningi emzimbeni”, kuchaza uMngadi.

Ngokusho kukaMngadi amakhasimende afuna ukuba osozinyama ayafika nawo kodwa yena ugxile ekusizeni abafuna ukuzivocavoca ukuze behlale benempilo futhi babe nemizimba emihle. Uthe amakhasimende akhokha i-R300 kuphela uma efuna ukuzozilolonga eBodyzone Gym engasizwa muntu. Uma esedinga usizo lwakhe yena ukhokhisa R100 ngesonto okuba i-R400 ngenyanga. Kusho ukuthi kuba i-R700 sekuhlangene ngenyanga. Okwenza akhokhise amakhasimende akhe ukuthi naye ucuphile kuleya ndawo ngakho kunezindleko okumele abhekane nazo ngokuyisebenzisa kodwa okuhle ukuthi amakhasimende ahlezi njalo encoma umphumela osheshayo ngomsebenzi awenzela wona.

UMngadi utshele UMKHAYA ukuthi endaweni yabo bamukela wonke umuntu omncane nomdala kodwa kungasale sekuba izingane ezincane ezihamba inkulisa, ingakho okwamanje ebeke iminyaka yokuqala eyishumi nesishiyagalombili (18) kuya phezulu. Uma ufuna ukuxhumana noMngadi ungamthola ezinkundleni zokuxhumana ezibalwe ngenhla ngegama lakhe elithi: @skhumba_mngadi kanti ku-Facebook: Skhu Mbuzo.