ISilo uMisuzulu kaZwelithini isitifiketi sobuNgonyama
“Ngiyazi ukuthi njengoba ningibuka, niyazibuza ukuthi kazi ucabangani lona njengoba nezinkantolo zimshova phansi nje”, kusho ISilo uMisuzulu kaZwelithini.
“Akukho okushintshile, niyasazi ISilo senu maZulu. Laba abalwa nami kuzogcina kubaphoqa ukuthi bangamukele ngoba ngeke bephumelele”, sisho kanje ISilo sikhuluma kwisithangami ebesingoLwesithathu ebesicacisa kuso ngodaba lwesahlulelo esakhishwa ijaji enkantolo enkulu yamacala eGoli ngoLwesibili. Lesi sahlulelo sasithi umengameli wezwe uMnuz. Cyril Ramaphosa akalandelanga umthetho ngesikhathi enika ISilo uMisuzulu kaZwelithini isitifiketi sobuNgonyama.