EZISEMATHENI

Ingoma kaMthandeni SK ayenza no Lwa Ndlunkulu ethi Paris

KULONYAKA kwenzeke okudide abantu kwezikaMaskandi. Ingoma kaMthandeni SK ayenza no Lwa Ndlunkulu ethi Paris isingene eziteshini ezintathu ze-SABC okubhekwe ukuthi ivotelwe kuzo njengezohlukanisa unyaka. Lezi teshi Ukhozi FM, Umhlobo Wenene FM ne Tru FM. Lokho kubonisa ubukhulu bengoma. Ukhona omunye umculi odumile kaMaskandi uKhuzani ogadla ngengoma ethi Umjolo Lowo kodwa into yakhe ayicaci kahle. Nakhona emsakazweni wesiZulu Ukhozi FM wangena sekuvalwe amehlo. Nokho abalandeli bakhe abalilahlile ithemba. Okudide abantu abaningi nebesiqonde ukubhala ngakho ukuzwakala kozibiza ngomengameli wamabhinca uMnuz. Ngizwe Mchunu (osesithombeni) ethi abantu abaphume kuMaskandi uyozelisa kodwa mabavotele uDlala Thukzin naye okhona ohlwini lwazo zontathu leziteshi ze-SABC. UMchunu wathi abantu abangazivoteli izingoma zikaMaskandi ziyozelisa makuphela unyaka ekubeni yena ethathwa njengenxusa lawo lomculo olandelwa abantu abaningi abangamabhinca. Kunentatheli eke yabhala ekhasini layo elinehaba ku-Facebook ibika ukuthi uMchunu akaneme ngokuvelela kwengoma kaMthandeni yikho ewuchitha uMaskandi kulonyaka.