EZISEMATHENI

Uthi Ufuna Ukuncelisa Amawele Okamaskandi

UKUKHULA elalela umculo kaMaskandi ikhona okwamenza wawulandela waze wanothando lokuwucula uMcebisi Mthombeni (osesithombeni) waseMacambini. Ekhuluma noMKHAYA uthe kusukela emncane ukhule enothando lomculo kaMaskandi, iwona mculo akhule ewulalela kakhulu. “Ngicabanga ukuthi iyonanto eyenza ngize ngikwazi ukucula nokubhala izingoma ngoba bengivame ukuthi ingoma uma ngiyidlala noma eyamuphi umculi ngibuye ngizame ukumlingisa ngicule kanye naye”, kusho uMthombeni.

UMthombeni uzalwe eJozini esigodini sasesiGubudu lapho aqala khona imfundo yakhe yamabanga aphansi kwaShukela Primary School. Umndeni wakhe uthuthile eJozini wazohlala eMandeni eMacambini wase eshintsha isikole ezofunda eLokothwayo Primary, Sinyabusi High School naseNdondakusuka Secondary School. UMthombeni uthe uyafisa ukungabambeleli emculweni kuphela kodwa ancelise amawele ngokuthi kube nomunye umsebenzi awenzayo omfakela imali.

Elandisa UMKHAYA uthe indima yomculo ayilula ifuna ubekezele. “Kulo mculo ngifunde ukubekezela nokuthi akuhlezi kumnandi njalo ziyafika izimo ezinzima izinto zingahlangani bese kubiza ukuthi ubekezele. Ngaphinde ngafunda nokuthi uma usebenza ngabantu kuyobakhona abafuna uphile impilo ngendlela ethandwa yibo, konke lokho okubiza ukuthi ubekezele uphinde ubahloniphe”, kuchaza uMthombeni.

Kulo nyaka uMthombeni ukhiphe i-EP ethandwa abantu abaningi nangangabazi ukuthi izomandisela izinkumbi zabalandela ngenxa yoju olukuyona. Le EP abalandeli bakhe bangayibheka ku-YouTube ngegama lakhe elithi ‘Mcebisi Mthombeni’. UMKHAYA umbuzile ukuthi njengoba kucaca nje ukuthi uyathuthuka kuMaskandi uzibona ekuphi eminyakeni ezayo. “Ngizibona ngikwelinye izinga eliphezulu ngomculo wami futhi nginabalandeli abaningi njengabanye abaculi abakhona endimeni ngoba ngiyazimisela futhi angilehlisi izinga emsebenzini wami”, kusho yena.

Eluleka abanye abasafisa ukungena emculweni uthe “uma ungena kule ndima kumele uzethembe futhi ukulindele ukuthi usazohlangabezana nobunzima bakhona ngoba khona abangakwenza ugcine uphela amandla uma ungaqalanga ngokuzethemba wena kuqala”, kuphetha uMthombeni.