Okusha Ngo Itumeleng Khune We-Chiefs
I-KAIZER Chiefs isimemezele ukuthi unozinti wayo osanda kutholakala ebuhlabile ejimini, u-Itumeleng Khune uzomiswa okwesikhashana eqenjini. Lokhu kwenzelwa ukuthi athole ithuba lokuzilungisa njengomuntu, azikhumbule abuyise nesithunzi sakhe. Leli qembu lithe emva kokuzwa ngezinto okuthiwa zenzeka ejimini, kwenziwe uphenyo olwamthola engemsulwa. Emva kwalokho kwase kuthathwa isinqumo sokuthi angabulawa ephila kodwa iqembu limsize ukuthi aphume ezinkingeni akuzo ngoba usengalungiseka. Uphuciwe isikhundla sikaKaputeni neminye imihlomulo.
Okunye okushiwo iqembu ukuthi ngesikhathi esamisiwe uzonikwa ithuba lokuthi afike emaHhovisi eqembu ukuze abe ingxenye yezinhlelo ezibekelwe ukumsiza njengomdlali weqembu ngoba umuntu kalahlwa. “Uzothi uma eseqedile ngezinhlelo zokumsiza esimbekele zona bese ebuyela ejimini ahlangane nozakwabo esewuKhune owaziwayo. Sicela abalandeli nabantu abathanda ibhola bameseke naye uwumuntu”, kuphetha lesitatimende.