EZEMIDLALOEZISEMATHENI

Ukhune We-Chiefs Uboshelwe Amanqina Enyathi Ozakwabo

IZINKINGA ze-Kaizer Chiefs azikho enkundleni kuphela kodwa sezikapakele nangaphandle. Emva kombiko we-Sunday World obubhale ukuthi u-Itumeleng Khune ubanjwe ebukhile ngesikhathi iqembu lizilolonga ngeviki eledlule sekuvele eminye imibiko eshaqisayo ekhempini yaleli qembu elinomlando omuhle ebholeni laseNingizimu Afrika.

Kunabadlali asebeveze ukuthi kunokucwasana ngokwebala ku-Chiefs njengoba abadlali abangamakhaladi bephathwa ntofontofo kunabamnyama. Imibiko esiyitholile ngethi uKhune umpintshwe omunye uzakwabo ongunozinti oyikhaladi kumqeqeshi omuzwe enuka phu utshwala kanti ubekade ephuza ngayizolo kwasala iphunga. Umqeqeshi weChiefs uCavin Johnson usekuchithile ukuthi kunenkinga kuleli qembu.

UJohnson uthe iChiefs iyigama elikhulu ngakho abantu bazozama ukulilamaza kodwa ngeke bephumelele. UMnuz. Vina Maphosa wezokuxhumana kuChiefs uthe uyazi ukuthi kunodaba oluxoxwayo eHhovisi eliphethe ibhola eqenjini kodwa akukubi, bazobika ngakho uma kunesidingo.