EZISEMATHENI

Kulindeleke ukuthi aqhubeke nokuhlala ezikhindini u-Oscar Pistorius

Kulindeleke ukuthi aqhubeke nokuhlala ezikhindini u-Oscar Pistorius (wesudi emnyama esithombeni) noma ngabe uyawuthola ushwele ngoLwesihlanu.

Lokhu kuvezwe ummeli wakhe kanti kuzokhumbuleka ukuthi ithimba labameli balomsubathi owanqoba izicoco eziningi zokugijima emkhakheni wabakhubazekile lafaka isicelo sikashwele liveza ukuthi usehlale isikhathi esanele ejele futhi ufundile ngobubi abenza ngalesi khathi esendlini emnyama.

UPistorius waboshwa ngecala lokubulala umkakhe uReeva Steenkamp eminyakeni edlule.