EZISEMATHENI

Sekube nokudubulana ku-N2 maqondana naseZimbali ngaseBallito.

Sekube nokudubulana ku-N2 maqondana naseZimbali ngaseBallito.

Okwamanje akekho onolwazi oluphelele ukuthi kwenzekeni.

Emavikini edlule kudutshulwe umshayeli wemoto encane maqondana nayo lendawo ku-N2 ngabalisa ababili ababaleke bangena ehlathini eliseduze kanti akwaziwa ukuthi kwakubangweni. Nakulesi sanamuhla isigameko izelelesi zibaleke zangena kulo leli hlathi njengoba zingakatholakali.

Sibhale lapha amaphoyisa nezinkampani zonogada ezizimele ziyaluza kuleya ndawo kuhlonyiwe.